NDUKZAKHEINKANYAMBA
- Leituras 993
- Votos 23
- Capítulos 5
Umkhulu womkhulu (Umvelinqangi) waba nesineke esanele mhla ehlela ehlelemba lendawo yakwa Mgayi. Lendawo wayihlobisa ngobuhle obuyinqaba, ubuhle othi ukubuka kuncibilike inhliziyo ushaye ibuya uma uyisivakashi. Izintaba zakhona zigijima imigankla, onkonka nemiziki. Izingade, izibhelu, nezigubudu kundizela phezulu kushaya amaphiko kwasakunanela lobu buhle obungaka balendawo yekhethelo. Akagcinanga lapho Umvelinqangi, lendawo waphinde wayihlahlamelisa ngamasiko, nosikompilo olunhlobonhlobo. Abantu abakhele lendawo ,lamasiko bawabambe ngezandla zombili, baqede bawaloba ezibhebheni zezinhliziyo zabo, bawatholela indawo evundile lapho ezohlala achume khona athele izithelo ezinhle. "Umkhuba" owawenziwa okhokho nokhokhokazi wokuthwalwa kwentombi wawenziwa yize base beyincosana abasawulandela. Kwakuke kuthi Intokazi yakwabo isazihambela izihubela emini bebade ithuke seyibhozonyelwa abalisa thizeni bayetshathe kuhle kwamaphisi ethwele unkonka. Iyothi iqwebuka inkungu iyobe seyikomunye umuzi thizeni ziyime emthumeni. Kokunye intombi yayisuke yenze isivumelwano nesoka layo konke bekuhlelile bona ngokuthanda kwabo. Kepha kokunye lokhu kwakwenzeka uma insizwa yakwabo seyigawule zephuka kepha incinzwa isifiso enaso sokugcagcelwa yileyo ntokazi. Okuhle ngalendawo yakwa Mgayi ukuthi babesadla ngoludala besahamba emigudwini eyabekwa yaqokothiswa okhokho bethu. Impilo esheshayo yezilingo nobukhazikhazi basentshonalanga babeyizwa ngendaba.
uThemba ukhule njengabanye abafana balapha esigodini sakwa Gubane ngaphansi kwendawo yakwa Mgayi. Ukhule waqhathwa izingqwele lapha esigodini sakwa Gubane. Ukhule ngaphansi komndeni onemfundiso eqondile. Uzalwa u Mazungu no Gumede. Uyise u yeyeye wabe efuyile enezinkomo ezingamashumi amabili nesikhombisa kanye nezintshitane eziyisikhombisa. uThemba ulanywa umagcino wakwabo u Thabani.